Izindaba ezimfushane ezidingida izindikimba ezahlukahlukene. Ezifana nezothando, ubugebengu, yinkohlakalo, wusizi kanye nezinye izindikimba ezihlabahlosile.
Lapha sithola indaba ethi: Iminjonjo lapho sithola khona kuqubuka udweshu ngenxa yobudlelwane kwabantu ababili bezinhlanga ezahlukene. Le ndaba iqhuba ngokuthi bagcine bezinqumela ukuba bachitheke baduke nezwe, ngoba befuna ukusuka eduze kwemindeni yabo, baye lapho boqhuba khona uthando lwabo ngenkululeko.